top of page
IPOLITIKI
SISONKE NEWS
.jpeg)
Latest Entertainment News


I-INFLATION YASE NINGIZIMU AFRIKA IKHUPHUKE YASUKA KU-3.1% YAYA KU 4% NGOMBASA.
Isithombe: Stanford report Intengo zenyuka ngamandla: I-Inflation yase-Ningizimu Afrika igxumela Ku-4%, uphethroli nodizili kushaya phezulu. Malibongwe Mazibuko Kulindeleke ukuthi abantu baseNingizimu Afrika babhekane nengcindezi enkulu yezimali ngemuva kokuthi izinga lokwenyuka kwamanani ezimpahla, i-inflation, likhuphuke kakhulu ngoMbasa, ngokwezibalo zakamuva ezikhishwe yi-Statistics South Africa. Izinga lokwenyuka kwamanani kubathengi minyaka yonke likhuphuke lafika ku-4%
6 hours ago1 min read


MK PARTY IMEMEZELE AMALUNGU AZOYIMELA EKOMITINI LOKUPHENYA UKUXOSHWA KUKARAMAPHOSA
Isithombe : Polity.org.za Iqembu loMkhonto Wesizwe seliqoke amagama amathathu ekomitini lokuphenya ukuxoshwa kukaRamaphosa. Sanele Mendah Zulu Iqembu uMkhonto weSizwe Party (MKP) selimemezele amagama amalungu amathathu azolimelela ekomitini lePhalamende elizophenya isiphakamiso sokuxoshwa kukaMengameli Cyril Ramaphosa esikhundleni. Ngokwesimemezelo seqembu, i-MKP izomelwa nguDr John Hlophe, iPhini likaMengameli wokuqala weqembu kanye nomholi walo ePhalamende, uChief Whip Mmab
8 hours ago1 min read


KUPHAZAMISEKE UKUHAMBA KWESUNDOWNS KUHAMBO LOKUYA ERABAT
Isithombe: Mamelodi Sundowns Kuphoqeleke ukuthi iMamelodi Sundowns ibuyele emumva ngohambo lokuya eMorocco. Malibongwe Mazibuko Ukungakwazi kweMamelodi Sundowns ukuhamba iye eMorocco ngoLwesibili sekuphazamise amalungiselelo eqembu ngaphambi komdlalo obalulekile womlenze wesibili kowamanqamu eCAF Champions League Final ne-ASFAR ozokuba ngeSonto eRabat. AmaBrazilians bekumele andize esuka e-OR Tambo International Airport iya eRabat, kodwa indiza eqashwe yiqembu ayikwazanga uku
10 hours ago1 min read


ABOKUFIKA BACHITHE UBUSUKU NGAPHANDLE KWESIKHUNGO SASETHEKWINI.
ISITHOMBE: Facebook Bathi sebekulungele ukufela ukuphepha kwabo abokufika ngenkathi bechitha ubusuku ngaphandle kwesikhungo samaphoyisa eThekwini. Sanele Mendah Zulu Inqwaba yabantu bangaphandle kanye nababaleki eThekwini bachithe ubusuku ngaphandle kwaseDiakonia Centre enkabeni yedolobha. Bakanise ngaphandle kwesikhungo ngemuva kokuhilizisana namaphoyisa esiteshini iDurban Central ngoLwesibili. Abakwamanye amazwe bacela ukuvikeleka kanye nendawo yokuhlala ngemva kokuba bathi
12 hours ago1 min read


ULONDIE LONDON UVEZA IMPILO YAKHE KU-TV.
ISITHOMBE: Ilanga ULondie London uvula izimfihlo zempilo yakhe kuhlelo olusha lukamabonakude Sanele Mendah Zulu Ababukeli bazothola ithuba lokubona impilo yangasese kaLondiwe Siphiwokuhle Zulu, owaziwa kakhulu ngokuthi uLondie London, kuhlelo lwakhe olusha oluqala ngoLwesine, mhlaka 21 May ngo-8 ebusuku kuMzansi Magic, DStv Channel 161. Uhlelo olubizwa nge Life with Londie London luthatha indawo yohlelo oludumile uThando Nesithembu. Londie, owayedume ohlelweni lwe The Real Ho
12 hours ago1 min read


KUTHOLAKALE ISIDUMBU SOWESIFAZANE NGAPHANSI KOMBHEDE WESOKA KWAMASHU
ISITHOMBE: Facebook Umndeni wase Mgababa usadidekile ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane ngaphansi kombhede wesoka lakhe. Sanele Mendah Zulu Umndeni wowesifazane waseMgababa, uNksz Anele Mzila oneminyaka engama-23, usashaqekile ngemuva kokutholwa kwesidumbu sakhe esonakele ngaphansi kombhede wesoka lakhe eKwaMashu. UNksz Mzila, owayesebenza e-call centre eMhlanga, kuthiwa isidumbu sakhe sitholakele endlini yesoka lakhe, uMnuz Nkululeko Yuda oneminyaka engama-35 odab
12 hours ago1 min read


URAMAPHOSA UZOHLONIPHA ABAHLONISHWAYO NGOLWESIBILI EPITOLI
ISITHOMBE: GCIS UMengameli wezwe uzonikeza ngezindondo zikazwelonke ngoLwesibili ePitoli Sanele Mendah Zulu UMongameli uCyril Ramaphosa uzohlonipha abantu baseNingizimu Afrika kanye nabamanye amazwe ngeZindondo Zikazwelonke ngoLwesibili ekuseni. Umcimbi uzoba se-Sefako Makgatho Presidential Guesthouse ePitoli. Lezi zindondo zingeziphezulu kunazo zonke ezweni, zinikezwa labo abenze okumangalisayo, abakhombise ubuqhawe, futhi basebenzele ukuthukisa izimpilo zabanye nokwakha is
1 day ago1 min read


I-MKP YENZE EZINYE IZINGUQUKO EBUHOLINI.
ISITHOMBE: MKP I-MKP isusa uNhlamulo Ndhlela esikhundleni sokuba ngumkhulumeli kuzwelonke. Sanele Mendah Zulu Iqembu loMkhonto weSizwe (MKP) selimemezele olunye ushintsho olukhulu ebuholini, likhipha uNhlamulo Ndhlela esikhundleni sokuba umkhulumeli weqembu kuzwelonke futhi liqoke owayeyintatheli uSifiso Mahlangu esikhundleni sakhe. Lesi simemezelo senziwe ngesikhathi kunesithangami nabezindaba eThekwini ngoMsombuluko kusihlwa. Lezi zinguquko ziyingxenye yokuhlelwa kabusha ok
2 days ago1 min read
bottom of page
