top of page

ABOKUFIKA BACHITHE UBUSUKU NGAPHANDLE KWESIKHUNGO SASETHEKWINI.

  • May 20
  • 1 min read

ISITHOMBE: Facebook


Bathi sebekulungele ukufela ukuphepha kwabo abokufika ngenkathi bechitha ubusuku ngaphandle kwesikhungo samaphoyisa eThekwini.


Sanele Mendah Zulu


Inqwaba yabantu bangaphandle kanye nababaleki eThekwini bachithe ubusuku ngaphandle kwaseDiakonia Centre enkabeni yedolobha. Bakanise ngaphandle kwesikhungo ngemuva kokuhilizisana namaphoyisa esiteshini iDurban Central ngoLwesibili. Abakwamanye amazwe bacela ukuvikeleka kanye nendawo yokuhlala ngemva kokuba bathi baxotshwe emzini yabo.

Bathi izinhlangano ezimelene nokuphuma kwabantu kwamanye amazwe zibathuse zabaxosha ezindlini zabo phakathi kwezimashi zokuthi abokufika abangenazo izincwadi baphume baphele kuleli. "Ubusuku obubili obudlule bebunzima kakhulu. Njengoba ubona, abantu balele phansi. Abanazo izingubo zokulala; abanalutho futhi akukabikho usizo esinalo," uJean Butoki weSouthern Africa Refugee Organisation Forum. "Sikulungele ukufela ukuphepha kwethu. Asinalo uvalo ngoba asiphephile ngisho nasemiphakathini esihlala kuyo." UButoki uthe le nhlangano izothumela ithimba elizohlangana nezikhulu ze-United Nations ukuze bathole usizo. “Ngokwazi kwethu inhlangano egunyazwe ukuthi ithole isixazululo enkingeni yababaleki yi-UN, sinesiqiniseko sokuthi iyakwazi ekwenzekayo. UButoki uthe nakuba sebewabikele amacala amaningi uma kuhlaselwa abokufika, amaphoyisa anqabile ukuvula amacala nokuthwesa abasolwa. “Futhi akubona kuphela labo abahlaselwe ngoLwesine, baningi abantu abahlaselwe, abanye bashonile. Izimpilo zethu zisengcupheni kodwa akuboshwa muntu,” usho kanje. Umgcinisihlalo weAfrican Diaspora Global Network, uDokotela Vusumuzi Sibanda, uzwakalise ukukhathazeka ngezigigaba ezenzeke eThekwini. Uthe izenzo ezifuze lezi azinabuntu futhi azilungile. “Kuwusuku olubuhlungu kakhulu, olungena emlandweni wethu ngoba unabantu abathi sifuna ukuzama ukugwema ukuhlangana nabantu abebebahlukumeza, bebashaya futhi bebhula esidlangalaleni. "Kanti baya esiteshini samaphoyisa lapho bethi badinga ukuvikelwa kuphela. Bese ubona amaphoyisa ebajikela esebenzisa izinhlamvu zenjoloba ebadubula esikhundleni sokuzama ukuxazulula umfutho okhona," esho.

 
 
 

Comments


bottom of page