top of page
EZOMPHAKATHI
SISONKE NEWS
EZOMPHAKATHI


ABANTU BOKUQALA ABANGAMA-300 BASE GHANA BAFIKA E-ACCRA EMVA KOKUBUYISELWA EKHAYA
[Isithombe — eNCA] Indiza yokuqala ethwele abantu baseGhana ebuya eNingizimu Afrika ifike e-Accra, phakathi kwemibhikisho elwa nokufuduka. Sanele Mendah Zulu Indiza yokuqala ethwele abantu baseGhana abasuswa eNingizimu Afrika ngenxa yemibhikisho elwa nokufuduka isifikile e-Accra, yamukelwa ngezindumiso nezingoma zokushisekela izwe esikhumulweni sezindiza. Kulinganiselwa ukuthi abangaba ngu-800 bazoqhubeka beshiya iNingizimu Afrika njengoba kuqina izingxabano mayelana nabokufi
May 281 min read


UDLULELE KWESINYE ISGABA OWASE-SERBIA KWIFRENCH OPEN
[Isithombe — SkySports] UNovak Djokovic waseSerbia uguqise uValentine Voyer waseFrance kwiFrench Open. Malibongwe Mazibuko UNovak Djokovic uqhubekile nephupho lakhe lokunqoba iFrench Open ngemuva kokushaya umdlali waseFrance uValentin Royer ngemidlalo emine ngoLwesithathu. Lo mdlali waseSerbia unqobe ngo 6-3, 6-2, 6-7, 6-3 emdlalweni onzima othathe cishe amahora amane eRoland Garros. UDjokovic manje uzobhekana nentsha yaseBrazil uJoao Fonseca emzuliswaneni olandelayo ngemuva
May 281 min read


KUBATSHAZWA ISIHLUKU SOMAMA OSHIYE INGANE NABESILISA BAYINUKUBEZA
[Isithombe — Online] Abantu abane baboshwe eBoyens, eGoli, ngamacala okuhlukumeza ngokocansi ingane eneminyaka engu-6. Skhulile Nkosi Sekuboshwe umama wengane oneminyaka engu-33 kanye nomalume olama unina ona-27 kanye nendoda ena-41 nenye ena-43 mayelana ngokudlwengulwa kwengane eneminyaka engu-6. Isgameko senzeke ngeviki elidlule endaweni yase Boysens eGoli. Umama lo ucele indoda ena-41 kanye nena-44 ukuthi basale nendodakazi yakhe yena usayophuza. Ingane ithi lamadoda asale
May 281 min read


IQEMBU LOKUQALA LABANTU BASEGHANA LIYA EKHAYA
(Isithombe — BBC ) Abantu baseGhana abangaphezu kuka-800 basuka eNingizimu Afrika namhlanje ngenxa yokungazizwa bephephile phakathi kwemibhikisho yokulwa nokufika kwabantu. Sanele Mendah Zulu Iqembu lokuqala labantu baseGhana abamukele isicelo sikahulumeni wabo sokubuyela emakhaya basendleleni egodukayo. UKhomishana Omkhulu waseGhana eNingizimu Afrika uBenjamin Quashie ukuqinisekisile ukuthi bangaphezu kuka-800 abantu baseGhana ababhalisele ukuphuma ngokuzithandela. Iqembu li
May 271 min read


UMBALULA UTHI UHULUMENI NGEKE AVUMELE UKUNGABIKHO KOMTHETHO NEZAKHIWO ZABANTU ABANGENAMAPHEPHA KULELI
(Isithombe — The Citizen) UMbalula uthi uhulumeni akasoze avumele ukungabikho komthetho, uxwayisa ngezokuphepha kwezwe. Sanele Mendah Zulu UNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthe uhulumeni ukhathazekile ngemibhikisho yakamuva ye “March and March” futhi ngeke avumele ukungabikho komthetho nokuhleleka ezweni. Uxwayise futhi ngokuthi izakhiwo ezigcwele abantu bokufika abangenamaphepha ziyingozi kwezokuphepha kwezwe. Ekukhuluma kuleli sonto, uMbalula owayenguNgqongqoshe Wez
May 271 min read


IGOLI LIBHEKANA NENGCINDEZI NGEZIKWELETU ZEZIGIDIGIDI EZIKWELETWA U-ESKOM
(Isithombe - News24) Ingcindezi iyakhula eGoli njengoba i-Eskom ifuna ukukhokhwa kwe-R5.2 billion noma babhekane nokuphazamiseka kukagesi. Malibongwe Mazibuko Idolobha laseGoli libhekene nengcindezi enkulu yokulungisa isikweletu salo esingaphezu kwezigidigidi zama-randi esikweletwa yi-Eskom njengoba uNgqongqoshe kaGesi uKgosientsho Ramokgopa kulindeleke ukuthi ahlangane neMeya yaseGoli uDada Morero kanye nesikhulu esiphezulu kwa-Eskom uDan Marokane namuhla ukuze baxoxe ngenki
May 261 min read


I-MK PARTY IQINISEKISA UKUHLANGANA NOPHIKO LWABESIFAZANE NE-PAKISTAN SOUTH AFRICA ASSOCIATION
(Isithombe - Facebook) I-MK Party iqiniseka ukuba iyayazi inhlanganiso yophiko lwabesifazane nePakistan South Africa Association. Sanele Mendah Zulu Iqembu le-MK Party likhiphe isitatimende ngomhlangano obephakathi kwamalungu ophiko lwabesifazane balo kanye nenhlangano i-Pakistan South Africa Association. Ngokwesitatimende esikhishwe ngoMsombuluko, mhlaka 25 kuNhlaba 2026, i-MK Party ithe iyazi ngezinkulumo ezabe zikhuluma ngezinkinga zokungena kwabokufika eNingizimu Afrika,
May 261 min read


KUGCWALE IMIGWAQO ETHEKWINI KUBUNGAZWA USUKU LWE-AFRIKA
(Isithombe - Sports, Arts & Culture ) Kubungazwe usuku lwe-Afrika eThekwini, ngemibalabala, umculo kanye nemibukiso. Malibongwe Mazibuko Imigwaqo yaseThekwini ibigcwele imibalabala, umculo kanye nokuzigqaja ngobuwena base-Afrika ngesikhathi idolobha lisingathe umbukiso wamasiko wokugubha uSuku lwe-Afrika ngeSonto. Lombukiso ube yingxenye yemicimbi ehlukene eqhubeka esifundazweni saKwaZulu-Natali ukuhlonipha umhla zingama-25 kuNhlaba 1963, usuku olubalulekile emlandweni wase-A
May 261 min read
bottom of page
