URAMAPHOSA UZOHLONIPHA ABAHLONISHWAYO NGOLWESIBILI EPITOLI
- May 19
- 1 min read
Updated: May 20

ISITHOMBE: GCIS
UMengameli wezwe uzonikeza ngezindondo zikazwelonke
ngoLwesibili ePitoli
Sanele Mendah Zulu
UMongameli uCyril Ramaphosa uzohlonipha abantu baseNingizimu Afrika kanye nabamanye amazwe ngeZindondo Zikazwelonke ngoLwesibili ekuseni. Umcimbi uzoba se-Sefako Makgatho Presidential Guesthouse ePitoli.
Lezi zindondo zingeziphezulu kunazo zonke ezweni, zinikezwa labo abenze okumangalisayo, abakhombise ubuqhawe, futhi basebenzele ukuthukisa izimpilo zabanye nokwakha isizwe esihlangene.
Umqeqeshi wamaBhokobhoko u-Rassie Erasmus uphakathi kwabahlomule i-Order of Ikhamanga in Gold ngobuholi bakhe embhoxo negalelo lakhe ekubumbaneni kwesizwe. Umculi uJonathan Butler kanye nomqali wekwaito u-Oskido bazohlonishwa ngendondo ye-Order of Ikhamanga in Silver ngeqhaza abalibambile endimeni yomculo. Izishoshovu ezazilwa nobandlululo u-Jack no-Ray Alexander Simons bazothola i-Order of Luthuli in Gold ngemva kokufa ngeqhaza labo emzabalazweni wenkululeko. I-Order of the Companions of OR Tambo izohlonipha abantu bakwamanye amazwe, okuhlanganisa uTeresa Hillary Clarke kanye noCherif Keita, ngokweseka kwabo iNingizimu Afrika kanye nenhlangano yenkululeko.




Comments