USENGOMDLALI WEDURBAN CITY NGOKUSEMTHETHWENI UJURGENS
- 4 days ago
- 1 min read

USEJOYINE ngokusemthethweni kwiDurban City uKyle Jurgens esuka kwiStellenbosch.
ISITHOMBE: Cape Times
MALIBONGWE MAZIBUKO
UKYLE Jurgens useqedele ngokusemthethweni ukujoyina iDurban City FC ngemuva kwesizini enhle ayichithe ebolekisiwe esuka kwiStellenbosch FC.
Leli qembu lisebenzise ithuba lokumthenga ngokuphelele elalifakwe esivumelwaneni sokubolekwa kwakhe ngoNtulikazi 2025, kwase kuvunyelwana ngemibandela yezimali phakathi kwamaqembu womabili.
Kukholakala ukuthi uJurgens usayine inkontileka yeminyaka emithathu neDurban City, nakuba eseke wadonsa amehlo eMamelodi Sundowns emva kokuthi ixhumane neStellenbosch ngethuba lokuhlwitha lomdlali ajoyine eChloorkop kodwa kwabonakala sengathi lolohleba luyabhimba endleleni njengoba uJurgens wakhetha ukuqhubeka nohambo lwakhe neDurban City esigabeni esiphezulu, okuyisinqumo esithele izithelo njengoba ebe ngomunye wabadlali ababalulekile eqenjini eliqala umdlalo futhi wasiza iqembu ukunqoba iNedbank Cup ngesizini yakhe yokuqala.
Lo mdlali wasesiswini uphuthelwe yimidlalo emithathu kuphela yeligi kuyo yonke isizini, lapho ebevelele khona endimeni yokuba ngumdlali oxhumanisa ukuhlasela nokuvikela edlala noBrooklyn Poggenpoel kanye noThabo Nodada.
IDurban City izolibangisa e-Orlando kulempelasonto ukuyobhekana ne-Orlando Pirates e-Orlando Amstel Arena kumdlalo we-29 kwiBetway Priemership.




Comments