top of page

KUNIKELWE NGEZINKUNDLA ZEMIDLALO EZAHLUKENE EZIKOLENI

  • 5 days ago
  • 1 min read



SITHOMBE: Sports, Arts & Culture

MALIBONGWE MAZIBUKO


UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula unikele ngokusemthethweni ngezinkundla zemidlalo ezakhiwe kabusha ezisetshenziswa ukusingatha imidlalo eyahlukahlukene e-Umalusi Primary School esigodini saKwaQwabe kanye nase-Mgamule High School esigodini saKwaDweshula ogwini oluseNingizimu yesifundazwe saKwaZulu-Natal ngoLwesine mhlaziyi-14 kuNhlaba 2026.

Uhlelo lokunikezelwa kwalezi zinkundla luqale e-Umalusi Primary School ngaphambi kokuthi luqhubekele eMgamule High School, lapho abafundi, othisha, abazali kanye nomphakathi bebebuthene khona ukuzobona ukwethulwa kwalezi zinkundla ezintsha.

Lezi zinkundla ezaziwa ngokuthi ama-“Combo Courts” zakhelwe ukusingatha imidlalo ehlukene okubalwa kuyo itennis,basketball,inetball kanye nevolleyball, ngenhloso yokwandisa amathuba okubamba iqhaza kwabafundi kwezemidlalo.

UMhlonishwa Khawula ukhulume ngesikhathi somcimbi, uthe lolu hlelo luyingxenye yemizamo yoMnyango yokuqinisa ukuthuthukiswa kwezemidlalo ezikoleni kusukela emazingeni aphansi emphakathini. Ubalule ukuthi lezi zinkundla zizovulela intsha yasemakhaya kanye nasemakolishi amathuba okuthuthukisa amakhono ayo kwezemidlalo nokuphila impilo enempilo.

UMnuz Khawula uphinde wanxusa izikole ezihlomulile ukuthi zabelane ngalezi zinkundla nezikole ezingomakhelwane ukuze kuhlomule umphakathi wonke wesifunda. Uphinde wabonga abaphathi bezikole, abafundi, abazali kanye nababambe iqhaza emphakathini ngokweseka nokubambisana ngesikhathi kuqhubeka lo msebenzi.

 
 
 

Comments


bottom of page