top of page

AMANANI EMATEKISINI AKHUPHUKILE NGENXA KAWOYELA.

  • 2 days ago
  • 1 min read

ISITHOMBE: SABC News

I-Seshego Polokwane Taxi Association imemezela ukukhuphuka kwamanani okugibela ematekisini.

SANELE MENDAH ZULU


Inhlangano yamatekisi iSeshego Polokwane eLimpopo isimemezele ukuthi izonyuka imali yokugibela amatekisi kusukela namuhla, ikhala ngokunyuka kukaphethroli. Imali yokugibela phakathi kweSeshego nePolokwane inyuke ngo-R5, isuka ku-R15 yaya ku-R20. USihlalo kasoseshini, uTakalani Nemahungani, uthi inhlangano izamile ukugwema ukwenyusa imali yokugibela kodwa ibe nemikhawulo ngenxa yokukhuphuka kwezindleko zokusebenza. UNemahungani uthi, “Sizame ngakho konke okusemandleni ukuthi siqhamuke nohlelo lokuthi okungenani sikwazi ukungayinyusi imali yokugibela ngoba siyayiqonda inkinga amakhasimende ethu azobhekana nayo, kodwa sigcina singenayo enye indlela ngaphandle kokunyusa imali yokugibela. Lokhu kwenyuka kuza phakathi kokukhathazeka okubanzi ngomthelela wokwenyuka kwentengo kaphethiloli ezindlekweni zokuthutha kanye nezimali zemizi ezweni lonke.

 
 
 

Comments


bottom of page